
I-UKZN Ibalwa kuma-#332 ku-Best Global Universities Yakamuva
Click here for English version
I-University of KwaZulu-Natal (i-UKZN) iphume ku#332 emanyuvesi avelele emhlabeni jikelele kuma-Best Global Universities e-News & World Report, abheka isimo socwaningo njengamaphepha acashunwe kakhulu namagama ngokwezwe nokwesifunda kwamanyuvesi avelele emhlabeni ayi-1 500 asemazweni angama-80.
INyuvesi iphume endaweni yesine ezikhungweni ezingama-57 zase-Afrika, yabamba indawo yama#61 ezikhungweni ezingama-250 zezesayensi yasemkhathini, ngokwamagalelo ayo kwezocwaningo. I-UKZN iphume isine eNingizimu Afrika, ngemva kwe-University of Cape Town, i-University of the Witwatersrand ne-Stellenbosch University.
IPhini LeSekelashansela lezoCwaningo e-UKZN, uSolwazi Deresh Ramjugernath, liphawule ngezinga elicokeme locwaningo eNyuvesi, lancoma abafundisi nabacwaningi ngokubeka isikhungo esicongweni.
‘Manje kunakuqala amagalelo enyuvesi wukwenza umehluko empilweni yezakhamuzi zezwe. Umsebenzi ofihlekile wabasebenzi nabafundi kufanele ugxile ekubhekaneni nezinselelo zezenhlalo nezomnotho ukuphucula impilo yabo bonke abantu bakithi,’ kusho u-Ramjugernath. ‘Ngijabule ngaloku kubonakala komsebenzi wokuzikhandla wabafundi bethu, wezifundiswa zethu nowabacwaningi bethu.’
Ukuklelisa kwe-US News & World Report Global Universities kwesikhombisa kwaminyaka yonke kuqhathanisa amanyuvesi emhlabeni, ihlinzeke ngokuqondisisa abafundi bakwamanye amazwe abafuna ukuyofunda phesheya. I-2021 Best Global Universities rankings ithembele ezibalweni nasocwaningweni lwe-Clarivate, inkampani yocwaningo.
Vakashela ku: https://www.usnews.com/education/best-global-universities/university-of-kwazulu-natal-504296 ukuze ufunde umbiko wonke.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe